I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Sananlaskut 4:6-24

IzAga 4:6-24 - ungakushiyi, kuyakukugcina;
kuthande, kuyakukulondoloza.
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
Kukhulise, kuyakukuphakamisa;
kuyakukudumisa, lapho ukugona.
Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,
kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,
nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;
kulonde,
ngokuba kungukuphila kwakho.

Ungangeni emkhondweni wababi,
ungahambi endleleni yabonakeleyo.
Yixwaye, ungadluli ngayo;
chezuka kuyo, udlule.
Ngokuba abalali,
uma bengenzanga okubi;
ubuthongo buyasuswa,
uma bengakhubekisanga muntu.
Ngokuba badla isinkwa sobubi,
baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa
okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.
Indlela yababi injengobumnyama;
abazi ukuthi bakhubeka ngani.

Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,
ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo
nempilo yomzimba wonke wabo.
Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.” Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho. Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo. Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule. Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu. Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu. Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini. Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani. Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo. Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

IzAga 4:6-24

Sananlaskut 4:6-24
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo