Proverbs 31:10-31

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.* Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;* usebenza ngezandla ezivumayo. Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe. Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo. Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini, Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu. Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe. Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.* Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo. Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe. Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila. Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi: “Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.” Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.
IzAga 31:10-31