Lalela uyihlo owakuzalayo,
ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo,
nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.
Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
Mabathokoze uyihlo nonyoko,
ethabe owakubelethayo.