Proverbs 1:7-15

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala, sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini; yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,” ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo
IzAga 1:7-15