Philippians 4:8-13

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
KwabaseFilipi 4:8-13