I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

KwabaseFilipi 3:12-21

KwabaseFilipi 3:12-21 - kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.
Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo. Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

KwabaseFilipi 3:12-21

KwabaseFilipi 3:12-21
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo