I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Micah 6:1-8

UMika 6:1-8 - Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi:
“Suka ulwe phambi kwezintaba,
uzwise amagquma izwi lakho.
Zwanini, zintaba,
ukuphikisana kukaJehova,
nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo,
ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe,
uyakumelana nabo.

“Bantu bami, ngenzeni kini;
kuyini enginikhathaze ngakho na?
Ngiphenduleni.
Nganikhuphula ezweni laseGibithe,
nganihlenga endlini yezigqila,
ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
Bantu bami, ake nikhumbule
okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi,
nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori,
nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali,
nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”

Ngiyakusondela kuJehova nginantoni,
ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na?
Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa,
nginamathole amnyaka munye, na?
UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama
nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?
Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,
isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?
Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi: “Suka ulwe phambi kwezintaba, uzwise amagquma izwi lakho. Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo. “Bantu bami, ngenzeni kini; kuyini enginikhathaze ngakho na? Ngiphenduleni. Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu. Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.” Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na? UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na? Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

UMika 6:1-8

Micah 6:1-8
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo