I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Matthew 6:5-15

NgokukaMathewu 6:5-15 - “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:

“ ‘Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;
usiphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla;
usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi;
ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen.’

“Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

NgokukaMathewu 6:5-15

Matthew 6:5-15
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo