I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Matthew 6:24-34

NgokukaMathewu 6:24-34 - “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?
“Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.* “Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na? “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

NgokukaMathewu 6:24-34

Matthew 6:24-34
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo