YUHANNA 15:7-11

Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami. “Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.
NgokukaJohane 15:7-11