Isaiah 7:13-16

Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na? Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle. Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
U-Isaya 7:13-16