Isaiah 53:3-8

Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke. Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo. Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
U-Isaya 53:3-8