I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Isaiah 29:13-16

U-Isaya 29:13-16 - Yathi iNkosi:

“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,
bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,
kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,
nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
ngalokho ngiyakubuye
ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,
izimangaliso impela;
ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,
nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”
Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,
abamisebenzi yabo isebumnyameni,
nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,
ngubani osaziyo, na?”
O ukuphendukezela kwenu!
Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,
ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:
“Yena akangenzanga,” na?
noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:
“Akanakuqonda,” na?

Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje, ngalokho ngiyakubuye ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo, izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.” Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?” O ukuphendukezela kwenu! Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini, ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi: “Yena akangenzanga,” na? noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi: “Akanakuqonda,” na?

U-Isaya 29:13-16

Isaiah 29:13-16
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo