Hebrews 4:11-13

Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli. Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo; futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.
KumaHeberu 4:11-13