I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Hebrews 13:5-17

KumaHeberu 13:5-17 - Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi:

“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”

Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho. Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.
Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*. Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.
Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe. Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade. Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho. Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*. Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*. Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo. Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe. Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo. Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.

KumaHeberu 13:5-17

Hebrews 13:5-17
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo