Galatians 5:16-21

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho. Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
KwabaseGalathiya 5:16-21