Galatians 5:13-18

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani. Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
KwabaseGalathiya 5:13-18