Galatians 5:13-16

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani. Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
KwabaseGalathiya 5:13-16