Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!
Futhi uma ababili belele ndawonye,
banokufudumala,
kepha oyedwa angafudumala kanjani na?