Ecclesiastes 11:1-6

Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi. Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili, ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni. Uma amafu egcwele imvula, ayayithulula emhlabeni; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho. Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna. Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke. Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
UmShumayeli 11:1-6