Colossiens 1:12-17

nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono, yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo
KwabaseKolose 1:12-17