2 Corinthians 9:1-9

Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele, ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo. Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele, funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina – singasaniphathi nina – ngaleli themba. Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe njengesesibusiso, singabi njengesokuncishana. Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, njengokuba kulotshiwe ukuthi
2 kwabaseKorinte 9:1-9