1 Timothy 2:4-7

othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso, engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
1 kuThimothewu 2:4-7