1 Peter 4:7-11

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke; kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono; anongenisana ngenjabulo, ningakhononi, nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
1 kaPetru 4:7-11