I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

1 Peter 3:13-22

1 kaPetru 3:13-22 - Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

1 kaPetru 3:13-22

1 Peter 3:13-22
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo