I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

1 Peter 2:16-25

1 kaPetru 2:16-25 - njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.
Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu. Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

“Ongenzanga isono,
akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”

owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi. Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu. Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe. “Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,” owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 2:16-25

1 Peter 2:16-25
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo