1 Corinthians 3:18-23

Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,” nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.” Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu, noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu; nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 3:18-23