Sesha Imiphumela ye: psalm 32:8
UGenesise 32:8 (ZUL59)
wathi: “Uma u-Esawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.”
UNumeri 32:8 (ZUL59)
Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.
UDuteronomi 32:8 (ZUL59)
Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.
UJobe 32:8 (ZUL59)
Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
AmaHubo 32:8 (ZUL59)
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
UJeremiya 32:8 (ZUL59)
“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.
UHezekeli 32:8 (ZUL59)
Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo, ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.
U-Eksodusi 32:8 (ZUL59)
baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”
2 iziKronike 32:8 (ZUL59)
okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.
U-Isaya 32:8 (ZUL59)
Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.
ULevitikusi 8:32 (ZUL59)
Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.
UJoshuwa 8:32 (ZUL59)
Waloba khona ematsheni impinda yomthetho kaMose ayilobayo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
AbAhluleli 8:32 (ZUL59)
UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.
IzAga 8:32 (ZUL59)
“Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
NgokukaMathewu 8:32 (ZUL59)
Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.
NgokukaMarku 8:32 (ZUL59)
Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.
NgokukaLuka 8:32 (ZUL59)
Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.
NgokukaJohane 8:32 (ZUL59)
niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
IzEnzo 8:32 (ZUL59)
Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.
KwabaseRoma 8:32 (ZUL59)
Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
U-Eksodusi 8:32 (ZUL59)
UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.
1 AmaKhosi 8:32 (ZUL59)
mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.
1 iziKronike 8:32 (ZUL59)
Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
U-Ezra 8:32 (ZUL59)
Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.
AmaHubo 132:8 (ZUL59)
Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho, wena nomphongolo wamandla akho.