Sesha Imiphumela ye: mark 12:31
UDuteronomi 12:31 (ZUL59)
Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.
UNehemiya 12:31 (ZUL59)
Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
NgokukaMathewu 12:31 (ZUL59)
Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
NgokukaMarku 12:31 (ZUL59)
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”
NgokukaLuka 12:31 (ZUL59)
Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.
NgokukaJohane 12:31 (ZUL59)
Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.
U-Eksodusi 12:31 (ZUL59)
Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
2 uSamuweli 12:31 (ZUL59)
Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
1 AmaKhosi 12:31 (ZUL59)
Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.
1 iziKronike 12:31 (ZUL59)
Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.
1 kwabaseKorinte 12:31 (ZUL59)
Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.
UGenesise 31:12 (ZUL59)
Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.
UNumeri 31:12 (ZUL59)
Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
UDuteronomi 31:12 (ZUL59)
Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,
UJobe 31:12 (ZUL59)
Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.
AmaHubo 31:12 (ZUL59)
Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo.
IzAga 31:12 (ZUL59)
Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
UJeremiya 31:12 (ZUL59)
Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova, yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo, umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.
UHezekeli 31:12 (ZUL59)
Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.
U-Eksodusi 31:12 (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
1 uSamuweli 31:12 (ZUL59)
kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.
2 iziKronike 31:12 (ZUL59)
Base bengenisa iminikelo, nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.
UGenesise 32:31 (ZUL59)
Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.
UGenesise 42:31 (ZUL59)
Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli;
U-Eksodusi 22:31 (ZUL59)
“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.