Sesha Imiphumela ye: ephesians 6:12
NgokukaMathewu 6:12 (ZUL59)
usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;
Kwabase-Efesu 6:12 (ZUL59)
ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
ULevitikusi 6:12 (ZUL59)
Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.
UNumeri 6:12 (ZUL59)
Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
UDuteronomi 6:12 (ZUL59)
xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
UJoshuwa 6:12 (ZUL59)
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
AbAhluleli 6:12 (ZUL59)
Ingelosi kaJehova yabonakala kuye, yathi kuye: “UJehova unawe wena qhawe elinamandla.”
UNehemiya 6:12 (ZUL59)
Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.
UJobe 6:12 (ZUL59)
Pho, amandla ami angamandla amatshe yini? Inyama yami iyithusi na?
IzAga 6:12 (ZUL59)
Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
UmShumayeli 6:12 (ZUL59)
Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?
UJeremiya 6:12 (ZUL59)
Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
UHezekeli 6:12 (ZUL59)
Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.
UDaniyeli 6:12 (ZUL59)
Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”
UMika 6:12 (ZUL59)
“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.
UZakariya 6:12 (ZUL59)
usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.
NgokukaMarku 6:12 (ZUL59)
Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.
NgokukaLuka 6:12 (ZUL59)
Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
NgokukaJohane 6:12 (ZUL59)
Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”
IzEnzo 6:12 (ZUL59)
bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;
KwabaseRoma 6:12 (ZUL59)
Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;
KwabaseGalathiya 6:12 (ZUL59)
Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.
KumaHeberu 6:12 (ZUL59)
ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.
IsAmbulo 6:12 (ZUL59)
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
UGenesise 6:12 (ZUL59)
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.