Sesha Imiphumela ye: ephesians 6:12

NgokukaMathewu 6:12 (ZUL59)

usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;

Kwabase-Efesu 6:12 (ZUL59)

ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

ULevitikusi 6:12 (ZUL59)

Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.

UNumeri 6:12 (ZUL59)

Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.

UDuteronomi 6:12 (ZUL59)

xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

UJoshuwa 6:12 (ZUL59)

UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.

AbAhluleli 6:12 (ZUL59)

Ingelosi kaJehova yabonakala kuye, yathi kuye: “UJehova unawe wena qhawe elinamandla.”

UNehemiya 6:12 (ZUL59)

Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.

UJobe 6:12 (ZUL59)

Pho, amandla ami angamandla amatshe yini? Inyama yami iyithusi na?

IzAga 6:12 (ZUL59)

Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,

UmShumayeli 6:12 (ZUL59)

Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

UJeremiya 6:12 (ZUL59)

Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

UHezekeli 6:12 (ZUL59)

Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.

UDaniyeli 6:12 (ZUL59)

Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”

UMika 6:12 (ZUL59)

“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

UZakariya 6:12 (ZUL59)

usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.

NgokukaMarku 6:12 (ZUL59)

Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.

NgokukaLuka 6:12 (ZUL59)

Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.

NgokukaJohane 6:12 (ZUL59)

Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”

IzEnzo 6:12 (ZUL59)

bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;

KwabaseRoma 6:12 (ZUL59)

Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;

KwabaseGalathiya 6:12 (ZUL59)

Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.

KumaHeberu 6:12 (ZUL59)

ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.

IsAmbulo 6:12 (ZUL59)

Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

UGenesise 6:12 (ZUL59)

UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.