UZakariya 13:1-9
UZakariya 13:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema. USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni. Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha. “Kuyakuthi ngalolo lusuku kube yilowo nalowo mphrofethi abe namahloni ngombono wakhe. Abayukuyigqoka ingubo enoboya ukuze bakhohlise. Uyakuzihlangula athi: ‘Angisiyena umphrofethi, ngingumuntu nje ozilimela umhlabathi, ngokuba ngathengwa ngumuntu othile ngisemncane.’ Omunye uyakumbuza athi: ‘Pho lawa manxeba asezandleni zakho ngawani na?’ Uyakuphendula athi: ‘Lawa manxeba ngawokushaywa ngangisendlini yabangani bami.’ ” “Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla. USimakade uthi: “Kuyakuthi ezweni lonke kunqunywe izingxenye ezimbili, zishabalale, kushiywe ingxenye yesithathu kulo. Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”
UZakariya 13:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema. “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni. Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha. “Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa; kepha uyakuthi: ‘Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.’ Uma sekuthiwa kuye: ‘Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na?’ uyakuthi: ‘Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami.’ “Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami. Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova, “kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo. Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”
UZakariya 13:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola. “Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyosusa amagama onkulunkulu ezweni, ukuze bangabe besakhunjulwa; futhi ngiyobangela abaprofethi nomoya ongcolile ukuphuma ezweni. Uma umuntu eprofetha, uyise nonina abamzalayo bayakuthi kuye: ‘Awuyikuphila; ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova, uyise nonina abamzalayo bayakumhlaba, uma eprofetha. Kuyothi ngalolo suku abaprofethi bahlale benamahloni, kube yilowo nalowo ebusweni bakhe, uma eprofethile; futhi bangembathi ingubo emahhadla ukuze bakhohlise; Kodwa uyakuthi: Kangisiye umprofethi, mina ngingumlimi; ngoba umuntu wangifundisa ukwelusa inkomo kusukela ebutsheni bami. Futhi omunye uyakuthi kuye: Ayini la manxeba asezandleni zakho? Khona-ke uzophendula: Lezo engalinyazwa ngazo endlini yabangane bami. Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke; “Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova, “izabelo ezimbili kulo zinqunywe, zife; kodwa owesithathu kumele ahlale kuwo. Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.