KwabaseRoma 8:12-14 - Compare All Versions
KwabaseRoma 8:12-14 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho-ke, bazalwane, sinecala, kungeyisikho kuyo inyama, ukuze siphile ngokwenyama. Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.
KwabaseRoma 8:12-14 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke bazalwane, asinasikweletu kuyo inyama ukuba siphile ngayo. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu
KwabaseRoma 8:12-14 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
KwabaseRoma 8:12-14 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)