KwabaseRoma 8:10-11
KwabaseRoma 8:10-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.
KwabaseRoma 8:10-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
KwabaseRoma 8:10-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
KwabaseRoma 8:10-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)