KwabaseRoma 5:7-8 - Compare All Versions

KwabaseRoma 5:7-8 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngokuba akulula ukuba umuntu afele olungileyo; Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

KwabaseRoma 5:7-8 ZUL20 (IsiZulu 2020)

ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho. Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.

KwabaseRoma 5:7-8 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

KwabaseRoma 5:7-8 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngokuba akulula ukuba umuntu afele olungileyo; Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.