KwabaseRoma 5:2-5 - Compare All Versions
KwabaseRoma 5:2-5 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
KwabaseRoma 5:2-5 ZUL20 (IsiZulu 2020)
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa nangezinhlupheko, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela, ukubekezela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba. Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.
KwabaseRoma 5:2-5 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela; nokubekezela kungukuqonda; nokuhlangenwe nakho, ithemba; Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
KwabaseRoma 5:2-5 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)