KwabaseRoma 4:18-22 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
KwabaseRoma 4:18-22 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;” engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga.
KwabaseRoma 4:18-22 ZUL20 (IsiZulu 2020)
owathi kungekho themba, waba nethemba, wakholwa ukuthi uzakuba nguyise wezizwe eziningi, njengokuba kwashiwo ukuthi: “Luyakuba njalo ulibo lwakho.” Akabanga buthakathaka ekukholweni nalapho esewubona umzimba wakhe obusufile, eneminyaka engaba yikhulu, nesibeletho sikaSara sesifile. Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye, kwaba ngukulunga.
KwabaseRoma 4:18-22 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho. Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara; Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.
KwabaseRoma 4:18-22 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)