KwabaseRoma 4:13-25

KwabaseRoma 4:13-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa. Ngokuba uma abomthetho kuyizindlalifa, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso senziwe ize; Ngokuba umthetho uveza ulaka, ngokuba lapho okungekho umthetho khona, akukho ukweqa. Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke. (njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona. Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho. Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara; Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye; Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo; owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.

KwabaseRoma 4:13-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asenziwanga ku-Abhrahama nasolibeni lwakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa. Uma izindlalifa ziyizo ngenxa yomthetho, ukukholwa kwenziwa ize, nesithembiso asiselutho, ngokuba umthetho udala intukuthelo, kodwa lapho ungekho khona umthetho akukho nakweqa. Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngikuqokile ukuba ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, Yena ophilisa abafileyo, nobiza okungekho kube sengathi kukhona, owathi kungekho themba, waba nethemba, wakholwa ukuthi uzakuba nguyise wezizwe eziningi, njengokuba kwashiwo ukuthi: “Luyakuba njalo ulibo lwakho.” Akabanga buthakathaka ekukholweni nalapho esewubona umzimba wakhe obusufile, eneminyaka engaba yikhulu, nesibeletho sikaSara sesifile. Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye, kwaba ngukulunga. Lokho akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

KwabaseRoma 4:13-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa. Ngokuba uma abomthetho kuyizindlalifa, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso senziwe ize; Ngokuba umthetho uveza ulaka, ngokuba lapho okungekho umthetho khona, akukho ukweqa. Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke. (Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona. Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho. Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara; Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye; Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo; owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.