KwabaseRoma 14:6-9 - Compare All Versions
KwabaseRoma 14:6-9 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho ozifela yena. Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi. Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.
KwabaseRoma 14:6-9 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi, uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
KwabaseRoma 14:6-9 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
KwabaseRoma 14:6-9 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)