KwabaseRoma 13:1-3 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
KwabaseRoma 13:1-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa. Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo
KwabaseRoma 13:1-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana nabasemagunyeni, umelana nesimiso sikaNkulunkulu. Abamelana nabo bayakwemukeliswa ukulahlwa. Ngokuba ababusi abesabeki kulabo abenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Uyathanda yini ukungamesabi osemagunyeni na? Yenza-ke okuhle, yena uyakukuncoma
KwabaseRoma 13:1-3 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso; Ngoba awekho amandla ngaphandle kukaNkulunkulu: amandla akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana namandla umelana nesimiso sikaNkulunkulu; Ngokuba ababusi kabesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Pho, awuwesabi amandla na? yenza okuhle, futhi uyakuba nodumo yikho
KwabaseRoma 13:1-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)