IsAmbulo 11:1-14

IsAmbulo 11:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Nganikwa umhlanga onjengodondolo, ingelosi yema, yathi: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhuleka kulo. Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili. Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka. Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba. Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo; Laba banamandla okuvala izulu ukuze lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula abe yigazi, futhi ashaye umhlaba ngazo zonke izinhlupho, noma nini ngokuthanda kwabo. Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale. Izidumbu zabo zizakuba semgwaqweni womuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma leGibhithe, lapho leNkosi yethu yabethelwa khona. Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni. Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni. Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo. Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa; Umaye wesibili usedlulile; bheka, umaye wesithathu uyeza masinyane.

IsAmbulo 11:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo. Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42. Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.” Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba. Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo. Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo. Kuyakuthi lapho sebeqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha silwe nabo, sibanqobe, sibabulale. Izidumbu zabo ziyakudindiliza emigwaqweni yomuzi omkhulu okuthiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona. Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe. Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni. Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo. Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu; izitha zabo zibabuka. Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu. UMaye wesibili wedlula; uMaye wesithathu uyeza masinyane.

IsAmbulo 11:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo. Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili. Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.” Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba. Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo. Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo. Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale. Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona. Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni. Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni. Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu. Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona. Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu. Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane.

IsAmbulo 11:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)