AmaHubo 89:38-52
AmaHubo 89:38-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nokho ogcotshiweyo wakho usumlahlile, wamala, wamthukuthelela. Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo. Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga, useyihlazo kwabakhelene naye. Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe. Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe, awumsekelanga empini. Uyisusile inkazimulo yakhe, wasiwisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi. Uzifinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela Simakade, kuyoze kube nini uzisithile, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo na? Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize. Ngubani oyophila angakuboni ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo na? Sela Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na? Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho, nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu, ezisola ngalo izitha zakho, Simakade, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho. Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 89:38-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho. Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini. Udilizile zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga; waba yihlazo kwabakhelene naye. Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe. Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuma ekulweni. Ususile inkazimulo yakhe, wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi. Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela* Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na? Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu. Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela* Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na? Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu, ezisola ngalo izitha zakho, Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho. Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 89:38-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha wena wamlahla, wanengwa, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho. Uchithile isivumelwano senceku yakho; Ungcolise umqhele wakhe ngokuwuphonsa phansi. Udilizile zonke izindonga zakhe; Uchithile izinqaba zalo. Bonke abadlula ngendlela bayayiphanga; uyihlazo komakhelwane bakhe. Uphakamisile isandla sokunene sabamelene naye; Uthokozise izitha zakhe zonke. Futhi waphendula usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuba ame empini. Wayiqeda inkazimulo yakhe, wawisa phansi isihlalo sakhe sobukhosi. Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe; Umbethe ngamahloni. Sela. Koze kube nini, Jehova? uzocasha kuze kube phakade? intukuthelo yakho ivutha njengomlilo na? Khumbulani ukuthi isikhathi sami singakanani; kungani nenze abantu bonke kwaba yize na? Ngubani lo ongayikubona ukuphila lokufa? Ingabe uyowusindisa umphefumulo wakhe esandleni seHayidese? Sela. Nkosi, ziphi izihawu zakho zamandulo owathembisa uDavida ngeqiniso lakho? Cabanga, Nkosi, ngokuthukwa kwezinceku zakho; ngingakuthwala kanjani ukuthukwa kwabo bonke abantu abanamandla esifubeni sami; Izitha zakho ezihlambalaze ngazo, Jehova! abahlambalaza ngayo izinyathelo zogcotshiweyo wakho. Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.