AmaHubo 84:1-12
AmaHubo 84:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla! Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo. Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena. Sela Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo. Bedabula esigodini iBhakha, basenza saba yindawo yeziphethu, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso. Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni. Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho. Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali. Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho. Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.
AmaHubo 84:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti. Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo. Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela* Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo. Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso. Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela* Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho. Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi. Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho. Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.
AmaHubo 84:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela eGiti. Ihubo lamadodana kaKora. Athandeka kanjani amatende akho, Jehova Sebawoti! Umphefumulo wami ulangazelela, yebo, ulangazelela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nenyama yami kukhalela kuNkulunkulu ophilayo. Yebo, inkonjane ithole indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ingabeka khona amazinyane ayo, okungukuthi ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; basazokudumisa. Sela. Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe; ezinhliziyweni zabo zisezinhliziyweni zabo izindlela zabo. Odabula esigodini saseBhaka, alenze umthombo; imvula igcwalisa namachibi. Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami; lalela, Nkulunkulu kaJakobe! Sela. Bheka, O Nkulunkulu, sihlangu sethu, futhi ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho. Ngoba usuku olulodwa emagcekeni akho lungcono kunenkulungwane. Ngincamela ukuba ngumlindisango endlini kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi. Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho. Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu othembela kuwe.