AmaHubo 8:1-9
AmaHubo 8:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, Nkulunkulu wethu, yeka ukubabazeka kwegama lakho emhlabeni wonke! Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu. Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli. Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo, uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi, umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe: zonke izimvu, izinkomo, izilwane zasendle, izinyoni zezulu, izinhlanzi zasolwandle nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle. Simakade, Nkulunkulu wethu igama lakho libabazeka kangaka emhlabeni wonke!
AmaHubo 8:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini. Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo. Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi. Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe: izimvu, nezinkomo zonke, yebo, nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle. Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!
AmaHubo 8:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela eGiti, ihubo likaDavide. Jehova, Nkosi yethu, igama lakho likhazimula kangakanani emhlabeni wonke! owabeka inkazimulo yakho phezu kwamazulu. Emlonyeni wezingane nezinsana unike amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze uthulise isitha nabaphindisayo. Lapho ngibona amazulu akho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo; Umuntu uyini ukuthi umkhumbule? nendodana yomuntu ukuthi uyivakashele na? Ngokuba wamenza waba mncinyane kancane kunezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo. Wamenza wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; Konke ubeke phansi kwezinyawo zakhe; Zonke izimvu nezinkomo, yebo, nezilwane zasendle; Izinyoni zezulu nezinhlanzi zolwandle nakho konke okudabula ezindleleni zolwandle. Jehova, Nkosi yethu, igama lakho likhazimula kangakanani emhlabeni wonke!