AmaHubo 74:1-17
AmaHubo 74:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na? Khumbula ibandla lakho owalizuza kwasemandulo, walikhulula ukuze libe yisizwe esiyifa lakho, nentaba iZiyoni ohlala kuyo. Phangisa uzobona incithakalo yaphakade, isitha sesone konke endlini engcwele. Izitha zakho zibhonge phakathi endlini yakho yokuhlanganela, zamisa izimpawu zazo zaba ngamabhanela, kwangathi ngumuntu ephakamisa izembe phakathi kwemithi eminyeneyo. Konke okwayo okubaziweyo zakuphohloza ngembazo nangesando. Indlu yakho engcwele zayokhela ngomlilo. Indlu yegama lakho zayidumaza, zayicekela phansi. Zathi enhliziyweni yazo: “Masibabhubhise kanyekanye;” zazishisa zonke izindlu zikaNkulunkulu zokuhlanganela. Izimpawu zethu asiziboni, akusekho mphrofethi, akekho kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini. Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na? Usigodleleni isandla sakho, isandla sakho sokunene na? Sikhiphe esifubeni sakho, uzibhubhise. UNkulunkulu uyiNkosi yami kuze kube phakade, nguye owenza insindiso emhlabeni. NguWena owehlukanisa ulwandle ngamandla akho, waphohloza amakhanda ezilo zasemanzini ezesabekayo. NguWena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani, wamnika izidalwa zasendle, zamudla. NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi. Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga. NguWena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguWena owenza ihlobo nobusika.
AmaHubo 74:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na? Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo. Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele. Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu. Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo. Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando. Zayokhela indlu yakho engcwele; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini. Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,” zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni. Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini. Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na? Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade eyenza insindiso emhlabeni. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini. Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,* wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane. Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo. Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga. Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguwe owenza ihlobo nobusika.
AmaHubo 74:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na? Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo. Phakamiselani izinyawo zenu ezincithakalweni zaphakade; nakho konke isitha esikwenzileyo okubi endlini engcwele. Izitha zakho zibhongile phakathi kwemihlangano yakho; bamisa izibonakaliso zabo zaba yizibonakaliso. Indoda ethile yayidume ngokuphakamisa izimbazo ezihlahleni eziminyene. Kepha manje bahlephula umfanekiso wakhe obaziweyo masinyane ngezimbazo nezando. Baphonsa umlilo endlini yakho engcwele, bayingcolisa ngokuwisa phansi indawo yokuhlala yegama lakho. Bathi enhliziyweni yabo: “Masibachithe kanyekanye; bashisa onke amasinagoge kaNkulunkulu ezweni.” Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini. O Nkulunkulu, koze kube nini isitha sihlambalaza? isitha sihlambalaza igama lakho kuze kube phakade na? Usihoshelani isandla sakho, yebo, isandla sakho sokunene? yikhiphe esifubeni sakho. Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela endulo owenza insindiso phakathi komhlaba. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho; amakhanda ezimpungushe wena uwaphule emanzini. Wachoboza amakhanda kaLeviyathani, wamnika ukuba abe ngukudla kwabakhileyo ehlane. Nguwena owahlukanisa umthombo nomfula, womisa imifula enamandla. Usuku ngolwakho, nobusuku bungobakho: Nguwe owalungisa ukukhanya nelanga. Nguwe owamisa yonke imikhawulo yomhlaba, owenza ihlobo nobusika.