AmaHubo 69:1-15
AmaHubo 69:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi asesentanyeni. Ngibisha obhukwini lodaka, akukho ndawo yokubeka unyawo, ngingene otweni ngathi shi, imisinga iyangisibekela. Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami. Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga. Nkulunkulu, Wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe. Mabangahlazeki ngami abakulindelayo, Nkosi, Simakade Wamabandla. Mabangathelwa ngehlazo ngenxa yami labo abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli. Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami. Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami. Ngakhala, umphefumulo wami wazila, kwaba ngukudunyazwa kwami. Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami. Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho. Ngitakule odakeni, ngingabishi, mangikhululwe ezitheni zami nasemanzini ajulileyo. Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.
AmaHubo 69:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni. Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa. Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami. Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici; nengingakuphanganga ngakubuyisela. Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe. Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli. Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami. Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele. Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami. Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya. Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho. Ngikhiphe odakeni, mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo, nasemanzini alutwa. Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.
AmaHubo 69:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela ngeSosánnim. Ihubo likaDavide. Ngisindise, Nkulunkulu; ngokuba amanzi afika emphefumulweni wami. Ngiyatshona odakeni olujulileyo, lapho kungekho khona ukuma; Ngangena emanzini ajulileyo, lapho imisinga yangidla. Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami womile, amehlo ami afiphele lapho ngilindela uNkulunkulu wami. Abangizondayo ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; labo ababefuna ukungibhubhisa, ngoba beyizitha zami, banamandla; ngase ngibuyisela lokho engingakuthathanga. Nkulunkulu, uyabazi ubuwula bami; nezono zami azifihlekile kuwe. Abakuthembayo mabangajabhi ngenxa yami, Nkosi Jehova Sebawoti; mabangajabhiswa abakufunayo ngenxa yami, Nkulunkulu ka-Israyeli. Ngokuba ngithwele ihlazo ngenxa yakho; amahloni amboza ubuso bami. Sengingowezizweni kubafowethu nowemzini kubantwana bakamama. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; nokuhlambalaza kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami. Lapho ngikhala, ngilaya umphefumulo wami ngokuzila ukudla, kwaba yihlazo kimi. Ngenza izingubo zami zokulila; ngaba yisaga kubo. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; mina ngangiyingoma yezidakwa. Kepha mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova, ngesikhathi esamukelekayo; O Nkulunkulu, ngilalele ngobubele bakho obukhulu, eqinisweni lensindiso yakho. Ngisindise odakeni, ungangishoni; mangikhululwe kwabangizondayo nasemanzini ajulileyo. Umfula ungangigcwali, umfula ungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli umlomo wawo phezu kwami.