AmaHubo 45:6-7
AmaHubo 45:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho. Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.
Dlulisela
Funda AmaHubo 45AmaHubo 45:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho. Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi: ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.
Dlulisela
Funda AmaHubo 45AmaHubo 45:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yombuso Wakho iyintonga yangempela. Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.
Dlulisela
Funda AmaHubo 45