AmaHubo 22:1-4 - Compare All Versions

AmaHubo 22:1-4 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami. Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula. Kepha Wena ungoNgcwele, uhlezi ezibongweni zika-Israyeli. Okhokho bethu bethembela kuwe; bakwethemba, Wena wabakhulula.

AmaHubo 22:1-4 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami. Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula. Kepha wena ungoNgcwele ohlezi ezibongweni zika-Israyeli. Obaba bethu babekwethemba; babethemba, wena wabakhulula.

AmaHubo 22:1-4 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na? Nkulunkulu wami, ngiyabiza emini, kepha awuzwa; nasebusuku, angithuli. Kodwa wena ungcwele, wena ohlala ezibongweni zikaIsrayeli. Okhokho bethu bathembela kuwe: bathemba, wena wabasindisa.