AmaHubo 2:1-12
AmaHubo 2:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kungani abezizwe benza ugobe, nabantu beceba okuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi: “Asigqabule izibopho zabo, silahle izintambo abasibophe ngazo, zisuke kithi.” Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa. Iyakukhuluma nabo ngentukuthelo yayo, ibafake ingebhe ngolaka lwayo, ithi: “Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.” Ngizakulanda ngesinqumo sikaSimakade, owathi kimi: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele. Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho. Uyakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphihlize njengokhamba lombumbi.” Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi; niyaleke nina babusi bomhlaba. Khonzani uSimakade ngokwesaba, nithokoze ngokuthuthumela. Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
AmaHubo 2:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi: “Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina.” Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.” Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele. Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho. Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.” Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba. Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
AmaHubo 2:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kungani abezizwe bexokozela, nabantu bacabange okuyize na? Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi: Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo kithi. Ohlezi ezulwini uyakuhleka; uJehova uyakubahleka. Khona-ke uyokhuluma kubo ngentukuthelo yakhe futhi abahluphe ngentukuthelo yakhe enkulu. Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni. Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile. Cela kimi, ngikunike izizwe zibe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho. Kumelwe uwaphule ngentonga yensimbi; kumelwe uwaphahlaze njengebhodwe lombumbi. Hlakaniphani manje, nina makhosi, nilaywe nina bahluleli bomhlaba. Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.