AmaHubo 139:19-24
AmaHubo 139:19-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi. Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho. Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, bayizitha kimi. Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami, ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.
AmaHubo 139:19-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi. Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho. Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi. Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.
AmaHubo 139:19-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Impela uyakubulala ababi, Nkulunkulu; Ngokuba bakhuluma kabi ngawe, nezitha zakho ziliphatha ngeze igama lakho. Anginabo yini abakuzondayo, Jehova? futhi angidabukile yini ngabakuvukelayo? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, ngibabheka njengezitha zami. Ngihlole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngivivinye, wazi imicabango yami. Futhi ubone uma kukhona indlela embi kimi, futhi ungihole endleleni yaphakade.