AmaHubo 11:1-7
AmaHubo 11:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni. Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo. Olungileyo uyokwenzenjani, lapho zibhujiswa izisekelo zomhlaba,” na? USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu. USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova. Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo. Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.
AmaHubo 11:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na? Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo. Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na?” UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu. UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda. Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo. Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.
AmaHubo 11:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na? Ngokuba bheka, ababi bansala umnsalo wabo, balungisa imicibisholo yabo entanjeni, ukuze bacibishele ngasese abaqotho ngenhliziyo. Uma izisekelo zichithwa, olungileyo angenzani na? UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu. UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe. Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo. Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.